Ingaloyomthetho Logo

INGALOYOMTHETHO

LEGAL ADVISORY SERVICES & CONSULTANCY

Thola imininingwane ku WhatsApp
Singobani?


AMAFA NOMTHETHO

Ikusasa alaziwa akekho owaziyo ukuthi uyohamba nini kulo mhlaba.

Asifikanga nalutho kulo mhlaba futhi asiyohamba nalutho. Hlela konke okuqondene nefa lakho ngokuthi uthole ulwazi olugcwele mayelana nomthetho wezamafa kanye nakho konke okuqondene nezamafa. Inkampani yethu ye-Ingaloyomthetho ishicelele ingqophamlando yencwadi enesihloko esithi ‘Amafa Nomthetho’ equkethe cishe konke okumayelana nomthetho wezamafa.


ISEXWAYISO

Konke okubalulekile, okumele ukugcine emqondweni




Gwema ukuhehwa yizikhangiso zezikhungo ezithile ezithi bakubhalela iNcwadi Yefa (Will) mahhala.


Ayikho into yamahhala, uyakukhokhela lokho owenzelwe khona kodwa ngendlela efihlekile.


Thola ulwazi olugcwele ngaphambi kokuthi uvumele isikhungo sikwenzele into ethile mayelana nefa lakho.


Kulula ukwesula iNcwadi Yefa oyibhale budedengu ngenxa yokweswela ulwazi olugcwele mayelana nomthetho wezamafa.


THOLA ULWAZI OLUFANELE

Incwadi yethu ‘Amafa Nomthetho’ iqukethe lonke ulwazi oludingayo mayelana nokubhalwa kwencwadi yefa (Will) kanye nakho konke okuqondene namafa okuhlanganisa nezinkinga eziqondene nokuphathwa nokwabiwa kwamafa.

Lapho incwadi idayiswa khona »