Umsunguli we-Ingaloyomthemtho, uMnumzane uBhekinkosi Thulani Nkosi ongummeli wezomthetho, wabona kunesidingo
esikhulu kubantu ukuba bathole ulwazi oluphelele lwezomthetho oluphathelene nanoma yimuphi umkhakha ukuze bakwazi
ukwenza izinqumo eziphusile kanye nokuthatha izinyathelo ezifanele uma kunodaba oluthinta umthetho.
UKUNTULEKA NEZIHIBE EKUFINYELELENI KOKUQUKETHWE YIMITHETHO YEZWE
Imithetho yethu yalapha eNingizimu Afrika ibhalwe ngolimi lwesiNgisi futhi kusetshenziswa lona kakhulu ezinkantolo
zakuleli.
Imbalwa imithetho ehunyushelwe ezilimini zethu zabomdabu. Okumangaza kakhulu wukuthi yize ummeli
engowomdabu exoxisana neklayenti yomdabu uncika kakhulu olimini lwesiNgisi okudala ukuthi loyo oyiklayenti
angalutholi kahle ulwazi oluphelele asuke elulangazelela.
Yingenxa yaleso sizathu esenze ukuba Ingaloyomthetho isungule okwamanje isigcawu sabantu abakhuluma izilimi
zabeNguni ukuze bakwazi ukufinyelela emithethweni yalapha eNingizimu Afrika ethinta impilo yabo yansuku zonke.
Ingaloyomthetho iphokophele ukuba ibe nezigcawu ezinhlobonhlobo ukuze noma ubani aluthole ulwazi.
UMQONDO WOKUBUMBA INGALOYOMTHETHO
Sikholelwa ukuthi umuntu uluthola kahle ulwazi uma lulethwa ngolimi lwakhe lwebele. Ulwazi lunika umuntu amandla
okuthi akwazi ukwenza isinqumo esiphusile.
Ngakho-ke isiqubulo sethu sithi “Thola ulwazi lwezomthetho ngolimi lwakho ukuze ukwazi ukuthatha isinqumo
esifanele, uvikele amalungelo akho”.